1
iHubo · Hymn
Ubusisiwe wonk' umuntu
Meter: 8.7.8.7.8.7.Tune: Dum. 76
1.
Ubusisiwe wonk' umuntu ozondayo izono, ongahlali nab' ababi nothokoza ngomthetho: akalali angavuki ngaphandle kway' iNkosi.
2.
Lowomunt' ubusisiwe: njengomuth' emanzini uyathela izithelo ngas' isikhathi sawo; ngakho konke akwenzayo unenhlanhl' eNkosini.
3.
Akafani nab' ababi abazokwehlulwa nya. Ebandleni elingcwele nguye oseNkosini. Bona bazofa - yen'uzophila namhlanje naphakade.