10
iHubo · Hymn
Ungisize, o Ngikhona
Meter: 8.8.8.8.Tune: entsha
1.
Ungisize, o Ngikhona, ngoba akasekh' oqotho nabant' abathembekile bayanyamalala bonke.
2.
Bayakhuluma amanga kuy' owakhelene nabo ngezindeb' ezithophayo bayaveza njal' amanga.
3.
UNgikhon' uyakunquma lonk' udeb' oluthophayo lwabathi: "Siyazibusa, udebe lwethu lunathi".
4.
"Ngovuka", ush' uNgikhona, "ngenxa yokubandezeka kwabo abahluphekile nokukhala kwabampofu".
5.
Ayahlanzeka amazwi kaNgikhona Nkosi yami, njengesiliv' eliqotho elihlanjululwé kahle.
6.
Wena, Nkosi, usigcine kuze kube naphakade; abangakwesabi bafe ngenxa yamanyala abo.