100
iHubo · Hymn

Nkosi, ngizwa ngobubele

Meter: 8.7.8.7.6.7.

1.

Nkosi, ngizwa ngobubele obumangalisayo, bonke obuthelileyo nabo mabehlele kim'. Buze kim', buze kim', nabo mabehlele kim'.

2.

Ngingedlulwa, Nkosi, Baba, ngingashiywa, Nkosi yam'. Nginezono enhliz'yweni kodwa nokho woza kim'. Woza kim', woza kim', kodwa nokho woza kim'.

3.

Ngingedlulwa, o Msindisi, ngingalahlwa, Nkosi yam'. Uyabiza, nqiyafisa ungibize ngize nam'. Ngize nam', ngize nam', ungibize ngize nam'.

4.

Ngingedlulwa, Moy' oNgcwele, ngingashiywa, Nkosi yam'. Ngibone mina ompofu khulum' izwi kimina. Kimina, kimina, khulum' izwi kimina.

5.

Lolothando, Nkulunkulu, lelogazi, Nkosi yam'; ububele bonke bakho mabuhlale lapha kim'. Lapha kim', lapha kim', mabuhlale lapha kim'.