103
iHubo · Hymn

Siyacela kuwe, Jesu

Meter: 8.8.8.8.

1.

Siyacela kuwe, Jesu, yiba nathi kulendawo; khona sisendlini yakho woza njengokusho kwakho.

2.

Wathi: "Lapho behlangene ababili nabathathu bebuthene ngezwi lami, ngoba khona nabo nami".

3.

Thina siyethemba kuwe njengelizwi lelo lakho; yizwa umthandazo wethu, siphe ubusiso lwakho.