104
iHubo · Hymn

Isisekelo sinye

Meter: 7.6.7.6.7.6.7.6.

1.

Isisekelo sinye sesonto yiNkosi; liyisimiso sayo ngamanzi negazi. Yalenzela ukuba ngumakoti wayo ohlal' edla ubomi ngokufa kweNkosi.

2.

Likuzo zonk' indawo liyisonto linye. Izizwe zonke kulo zibunjwa ngobunye nangokholo lobunye nangal' iZwi linye ngombhabhathizo munye nangeNkosi inye.

3.

Noma lihlukene nje ngokuphathwa kwalo, noma lisahlaselwa yizitha ngaphandle. Lilindela iNkosi ukubuya kwayo, umyeni wal' isonto aliphelelise.

4.

Ebunzimeni bonke nasemngcingwaneni lisalind' ukufezwa kokuthula kwalo. Alinakudunyazwa alinakunqotshwa, yilon' elinqobayo: loba nophumulo.