107
iHubo · Hymn

Bamba isandla, Baba, nxa ngingedwa

Meter: 11.10.11.10.
1.Verse 1

Bamba isandla, Baba, nxa ngingedwa, inzima ifiphel' indlela yam'. Bamba isandla, khona ngingesabi noma kumnyama lapha, Nkosi yam'.

2.Verse 2

Bamba isandla ngingumntwan' omncane ngingazi ukukheth' indlela yam'; bamba isandla uma ngikhathele funa ngiwele phansi, Nkosi yam'.

3.Verse 3

Bamba isandla, Baba, ngithokoza ngisizwe son' isandla sakho, Nkos'; bamba isandla, ngiyathol' amandla uma ngikwazi useduze, Nkos'.

4.Verse 4

Bamba isandla lapho ngisondela, ngishone emfuleni, Msizi wam'. Bamba isandla, ngifike ekhaya ngibon' ubuso bakho, Jesu wam'.