108
iHubo · Hymn

Sinelizwi lay' iNkosi

Meter: 8.6.8.6.

1.

Sinelizwi lay' iNkosi, sinobomi ngalo; siyazaz' izono zethu noMsindisi ngalo.

2.

Lizwakele lelolizwi lisaqhutshwa lona; nazo izizw' ezikude zilindele lona.

3.

Ziyanqotshw' izitha zakho ngezwi lakho, Nkosi, bayaphenduka abantu nxa belizwa, Nkosi.

4.

Izwi liyabaluleka abalivumayo, bojabula eNkosini abalamkelayo.

5.

Zophelisw' izimpi zonke ngezwi lakho, Nkosi; kobus' ukuthula kodwa ngezwi lakho, Nkosi.