109
iHubo · Hymn

Namhla, Nkosi, ngikunike

Meter: 8.6.8.6.

1.

Namhla, Nkosi, ngikunike inhliziyo yami; ngiph' amandla okuhamba ngingaduki futhi.

2.

Ngiwa phansi, ngikhuleka phambi kwakho, Nkosi, ngiph' amandla okudela zonk' izint' ezimbi.

3.

Thela kimi, Nkosi yami, okwasezulwini; beka kimi, kungasuki okoMoya wakho.

4.

Makuhlal' okwakho kimi ngize ngibe kuwe, ngibe-nokukhonza njalo, ngiseduze nawe.

5.

Ngiphe ukwethemba kahle, lapha emhlabeni, ngize ngibe-nenjabulo nxa ngibizwa nguwe.

6.

Lapha ngenza into, Nkosi, mayib' enhle kuwe, kube injabulo yami ukuthandwa nguwe.

7.

Mangihambe njalonjalo ngisekelwe nguwe, ngibe ufakazi wakho lapha emhlabeni.

8.

Khona inxa sokuphela konke okwamanje, uyokungithatha, Nkosi, ngibe nawe njalo.