11
iHubo · Hymn
Koze-kube-nini, Ngikhona Nkosi
Meter: 11.11.11.11.Tune: entsha
1.
Koze-kube-nini, Ngikhona Nkosi, ungikhohlwa usitheza ubuso, ngikhathazeke emphefumulweni, nginosizi enhliziyweni yami?
2.
Koze kube nini isitha sami siziphakamisa phezu kwami na? Ake ukhanyise amehlo ami ngingalali ubuthongo bokufa.
3.
Bheka neno, ungiphendule, Nkosi, funa isitha sami sish' ukuthi: "ngimahlulile", nab' abamelene, bethabe lapha mina ngintengayo.
4.
Kepha ngiwuthembil' umusa wakho, iyakwethaba inhliziyo yami. Ngenxa yokuhle ongenzele khona ngizakuhlabelela kuNgikhona.