116
iHubo · Hymn
Siyabonga kuwe, Jesu
Meter: 8.6.8.6.
1.
Siyabonga kuwe, Jesu, ngobubele bakho. Uyabathanda ngempela bonke abantwana.
2.
Wathi kubo abafundi: "Ningabenqabeli, vumelani abantwana nabo beze kimi".
3.
Esebakhulumele ke wabagona bonke wababeka khon' izandla ebusisa bona.
4.
Nathi namhla, Nkosi Jesu, thina esibasha, sisondela kuwe sinje ukub' usam'kele.
5.
Siyethemba kuwe, Jesu, ngokulunga kwakho, sikhulise usondlele kulo izwi lakho.
6.
Malifezwe lelilizwi alishoy' uJesu. Wathi: "Umbuso wezulu ungowabanjalo".