117
iHubo · Hymn
Namp' abantu ababili
Meter: 8.6.8.6.
1.Verse 1
Namp' abantu ababili, beze phambi kwakho, bayafisa bobabili babe munye lapha.
2.Verse 2
Benze, Nkosi, babe-munye babe nokuzwana ngomoya nangenhliziyo empilweni yabo.
3.Verse 3
Bafundise, Nkosi Jesu, bahlumelelane ngakho konk' okwakho, Jesu, balugcin' uthando.
4.Verse 4
Mabalithand' izwi lakho emihleni yabo ngamandl' kaMoya wakho gcin' inzalo yabo.
5.Verse 5
Bakhanyisel' endleleni eqond' ebomini baze baye ezulwini babe semthimbeni.