118
iHubo · Hymn

Mangisondele, Nkosi yami

Meter: 5.4.6.5.6.6.6.4.

1.

Mangisondele, Nkosi yami, kuphele ithuba laph' emhlabeni, kufike ukufa ngize ezulwini ngibe phambi kwakho, Nkosi yami.

2.

Ngezandla zakho ngisingathe kulez' izinhlupho zakulendlela. Kristu, uyindlela yokukhanya kwami, sengithemba kuwe, ungihole.

3.

Ngiyalahleka ngingenawe, ngikhathazeke ke, nxa ungekho la, kulelihlane lam' ngiphelekezele ekufeni kwami, Msizi, Jesu.