119
iHubo · Hymn

Ngiyavum' umangaliso

Meter: 8.7.8.7.8.7.8.7.

1.

Ngiyavum' umangaliso okaKrist' uMfeli wam'; wabushiya ubukhosi wehla wafa ngenxa yam'. **(inhlawaza) Ngineculo ngal' uthando lukaKrist', uMfeli wam'; ngimbambaz' owangihlenga: lalelan' iculo lam'.

2.

Bheka, esiphambanweni wazithwal' izono zam'; ziyaphum' izinyembezi nxa ngivum' iculo lam'. **

3.

Ngangiduka nangempela ngangingumhlupheki-nje; weza wangihawukela, wangithol' ehlane le. **

4.

Izinhlupho zingafika, ungasind' umthwalo wam'; nokho sengiphathw' isandla soMalus', iNkosi yam'. **

5.

Wongisiza, wongigcina kuze kube-sekufen': mangibe othembekayo, ngingamhluphi endlelen'. **