12
iHubo · Hymn
Isiwula sith' enhliziyweni
Meter: 10.10.10.10.Tune: entsha
1.
Isiwula sith' enhliziyweni: "Ayikh' iNkos' eyesabekayo". Yonakel' imisebenzi yabo, ngoba akekh' okwenza okuhle.
2.
UNgikhona ongasezulwini uyabuk' abantwana babantu, ukucinga yin' ukub' ukhona oqondayo nofun' uNgikhona.
3.
Bonakele bonke baphambuke, akakho okwenzayo okuhle. Yebo, bonke, bonke bangababi akakho olungile oyedwa!
4.
Kabaqondi, bonke benz' okubi badla abantu bakaNgikhona njengokuba besidla isinkwa, bengakhuleki kuy' uNgikhona.
5.
Bayesaba bashaywe uvalo ngokuba uNgikhona iNkosi ubusisa isizukulwane sabo bonke abalungileyo.
6.
Lonk' icebo lohluphekileyo nizokwazi ukulijabhisa, kepha ke isiphephelo sakhe singuNgikhona, iNkosi yakhe!
7.
Kuvel' insindiso eSiyoni mhla uNgikhona ebabuyisa. Ake uJakobe akwethabe, uIsrayeli wonk' ajabule!