121
iHubo · Hymn
Vuthelani icilongo
Meter: 8.6.8.6.
1.
Vuthelani icilongo, nina, bantu bakhe, icilongo lezwi lakhe lihlokomiseni.
2.
Malihambe iVangeli elizweni lonke lize lamukelwe lona abakithi bonke.
3.
Vuthelani icilongo, nina, bantu bakhe; malizwiwe izwi lalo ngabangakalizwa.
4.
Vuthelani icilongo, nina, bantu bakhe, malihambe izwi lakhe ngokushesha konke.
5.
Naz' izizwe ezikude mazilazi lona; zikhonjiswe konguJesu zimuthande Yena.