122
iHubo · Hymn

Sisebusweni bakho

Meter: 7.6.7.6.7.6.7.6.

1.

Sisebusweni bakho, Baba, Nkosi yethu; sifun' umusa wakho ngomthandazo wethu; sizwile ukukhala kwabalahlekile: siyabathandazela, Nkosi, mabaphile.

2.

Izizwe eziningi zisebumnyameni zisendleleni embi eya ekufeni. Yiba nomusa kuzo ziphe izwi lakho; sus' ubumnyama bazo ngokukhanya kwakho.

3.

Thumel' abafundisi benamandla akho, batshel' abantu bonke izindaba zakho; umbuso wakho uze emhlabeni wonke; yandis' abantu bakho ezizweni zonke.

4.

Sheshisa isikhathi esimnandi sakho, lapho abantu bonke boba-nezwi lakho; bamazi uJehova onguMenzi wabo, bamthand' uJesu Kristu uMsindisi wabo.