Sikuyo indlela yelizwe lobomi
Sikuyo indlela yelizwe lobomi, ikhaya labantu 'bahleli ngothabo. Nina enasuka kuMdali ngokona nithini? Noyana, noyana phezulu? ** (inhlwaza) Noyana? Noyana? Noyana? Noyana? Nithini? Noyana? Noyana phezulu?
Usizi, usizi, alunakubakho. Ngabangcwele abayayo kulelozwe. Nina enihamba, nisindwa izono: nithini? Noyana? Noyana phezulu? **
Ayikh' inhlupheko kulona lelozwe. Ngubuhle, ngubuhle bodwa obulapho: izifo kazikho futhi zingebekho: nithini? Noyana? Noyana phezulu? **
Hambani, bakhonzi, lelozwe ngelethu, siyobabaza ubuhle khona lapho. Yebo, siyohamba phezu kwezintaba siphuze amanz' entokozo khona le. **
Nangempela, soni, asikulahlanga, mawubuye, soni, asihambe sonke. Woza kuJehova, az' akusingathe, akuse namanje, akuse phezulu. **
Ngibona ukuthi usebunzimeni usuthi: Ngubani ongalisusayo ical' elingaka, lisenhliziyweni? NguJesu kuphela, thandaza ke kuye. **Ngohamba, ngohamba, ngohamba, ngohamba, yebo ke, ngohamba, sengiya phezulu.