126
iHubo · Hymn
Kunezindlel' ezimbili
Meter: 8.8.8.8.
1.
Kunezindlel' ezimbili okuhanjwa ngazo lapha: enye iya ekufeni enye iy' ekuphileni.
2.
Leyo eya ekufeni ibanzi inhle kakhulu, kuhamba iningi ngayo likhangwa ukuyithanda.
3.
Bahamba kuleyondlela ngobuvila nobulima baze bakhalakathele emlilweni waphakade.
4.
Enye yona ngencinyane, inamatshe inameva, yon' ihanjwa ngabambalwa ngenxa yobunzima bayo.
5.
Nokho kanti iba mnandi kubo abayijwayele; kuyiyo eya ekhaya lelo abalijongele.
6.
Ihambeni leyondlela noma ilukhuni njalo, ngoba yona iphelela entokozweni enkulu.