133
iHubo · Hymn
Phambili, makholwa
Meter: 6.5.6.5.6.5.6.5.
1.Verse 1
Phambili, makholwa, awomthandazo nikholwa nguJesu hlomani nonke. Nguye oyinhloko, mfakazeleni. Ngakho ke hambani niyinhlangano. ** (inhlwaza) Phambili, makholwa, nisemkhosini, nilandel' uJesu uMholi wenu,
2.Verse 2
Ziyonqotshw' izitha ngelizwi lakhe; zokuwa inqaba nodumo lwazo. Yilwani ke ngakho niyokunqoba ngegama leNkosi niyinhlangano. **
3.Verse 3
Ningumoya munye niyimpi yinye nibanye ngenkonzo nangal' uthando. Qhubani ngamandla ningamaqhawe, nizibek' obala njengabanqobi. **