134
iHubo · Hymn

Ngilondolozwe kahle

Meter: 7.6.7.6.7.6.7.6.
1.Verse 1

Ngilondolozwe kahle ngikuWena, Jesu, ngisengalweni yakho ngiphethwe uthando, . uthand' oluvimbayo. Ngilingwa isitha ngingaphumula khona enhliz'yweni yakho. **(inhlwaza) Ngilondolozwe kahle ngikuWena, Jesu, ngisengalweni yakho ngiphethwe uthando.

2.Verse 2

Jesu, uyabagcina bonk' abantu bakho lapho bekhathazeka abasengozini; ngiyakhululwa uwe ekwesabeni kwam', ngingebe nal' uvalo mangisekhwapheni. **

3.Verse 3

Jes' oyinqabankulu, Wena Sithandwa sam', uwe owahlawula zonk' izono zami. Awungiqinisele ukwethemba Wena, ngize ngifinyelele laph' ubusa khona. **

4.Verse 4

Ngilondolozwe kahle ngikuWena, Jesu. Ngisengalweni yakho ngiphethwe uthando, uthand' oluvimbayo; ngilingwa isitha, ngingaphumula khona enhliz'yweni yakho. **