137
iHubo · Hymn
Masimbongeni uJesu
Meter: 8.7.8.7.8.7.
1.
Masimbongeni uJesu ngokuba wasifela wasenzela ububele ngokusifela kwakhe. **(inhlwaza) Shwele, shwele, Baba, shwele, shwele, Baba, yiba nomusa kithi.
2.
Singabantu abampofu, kodwa oweza lapha, qha, akakhethanga bala, wafela abampofu. **
3.
Abansundu nabamhlophe mabakubone Wena, bahlangane kanye bonke bahubele iNkosi. **