14
iHubo · Hymn

O Ngikhona, ungilondoloze

Meter: 10.10.10.10.Tune: entsha

1.

O Ngikhona, ungilondoloze ngoba ngiyaphephela kuWena, ngithi kuwe: "UyiNkosi yami, okuhl' akukho ngaphandle kwakho".

2.

Abangcwele abasemhlabeni intokozo yami ikubona. Abamkhonz' omunye bahlupheka, angibizi namagama akhe.

3.

O Ngikhon' uyisabelo sami, Wena uqinisa ifa lami. Izabelo zingehlele kahle, yebo, lihle ifa enginalo.

4.

UNgikhona ngiyambonga njalo ongiluleka nasebusuku, ngiyambeka njalo phambi kwami ngob' ungakwesokunene sami.

5.

Inhliziyo yam' iyajabula nomphefum'lo wami uyethaba, ngoba awuvum' ukuba ngife, nongcwele wakh' abon' ukubola.

6.

Ungazis' indlela yokuphila nakho ukugcwala kwenjabulo nentokoz' isesandleni sakhe, namuhla nasekuphakadeni.