142
iHubo · Hymn
Baba, uma sengeduka
Meter: 8.8.8.8.
1.
Baba, uma sengeduka kulendlela yalelizwe ngifundise njal' ukuthi: mayenziw' intando yakho.
2.
Uvumela izingozi silingwe izitha zethu ukuqinisa inkolo: mayenziw' intando yakho.
3.
Kuthi lapho ungaphuca into engiyithandayo, ngenxa yengozi ekuyo: mayenziw' intando yakho.
4.
Ngahlaselwa nayizifo ngephucw' onk' amandla ami, ngokuzama, Baba, ngithi: mayenziw' intando yakho.
5.
Iguqul' eyam' intando ifanise nay' eyakho, susa konke ukusola: mayenziw' intando yakho.
6.
Lapho nginqatshelwa khona zinyembezi ukukhonza ngicula kweliphezulu: mayenziw' intando yakho.
7.
Baba, uma sengeduka kulendlela yalelizwe ngifundise njal' ukuthi: mayenziw' intando yakho.