145
iHubo · Hymn
Nkosi yami, wangifuna
Meter: 8.7.8.7.7.7.
1.Verse 1
Nkosi yami, wangifuna ekulahlekeni kwam'; Nkosi yami, walandela futhi emkhondweni wam', ngafunyanwa, Nkosi yam', ngafunyanwa, Nkosi yam'.
2.Verse 2
Nkosi yami, izwi lakho lingumkhanyiseli wam'; Nkosi yam', umusa wakho uyangenamisa nam', ngithokoze, Nkosi yam', ngithokoze, Nkosi yam'.
3.Verse 3
Nkosi yam', uMoya wakho uyangigcwalisa nam'; Nkosi yam', izulu lakho lona liyikhaya lam'; mangingene, Nkosi yam', mangingene, Nkosi yam'.