15
iHubo · Hymn

Yizwa, Ngikhona, ukulunga kwam'

Meter: 10.10.10.10.10.10.Tune: entsha
1.Verse 1

Yizwa, Ngikhona, ukulunga kwam', ulalele ukukhala kwami ubek' indleb' emkhulekweni wam' ungahlulele ngamehlo akho. Uyalinga inhliziyo yami awufumani lutho olubi.

2.Verse 2

Ngiyazilinda ezindleleni zezidlova ngalo izwi lakho, unyawo lwami alusheleli engilandel' izinyawo zakho. Ngikhala kuwe ngob' uyangizwa: beka indleb' ungizwele, Nkosi.

3.Verse 3

Bonakalisa isihe sakho, Msindisi wabaphephela kuwe, ungigcine njengenhlamvu yeso ungisithe ethunzini lakho kubo ababi nezitha zami ezizamayo ukungiwisa.

4.Verse 4

Bayazigqaja ngomlomo wabo; njengengonyama ehahelayo bayazingela ukungiwisa: Vuka, Ngikhona, ubabhubhise ungisindise ngenkemba yakho: uphile umphefumulo wami!

5.Verse 5

Gcwalisa isisu sabezizwe abasabelo sabo silapha, basuthe kanye ne'ngane zabo mina ngibone ubuso bakho ngisuthe ekulungeni kwami ngesimo sakho ekuvukeni!