152
iHubo · Hymn
Ngiyathandwa nguJesu
Meter: 7.7.7.7.5.5.5.6.
1.Verse 1
Ngiyathandwa nguJesu, lokho ngikwazi ngezwi, bonk' abantwana bakhe wabathenga ngegazi. **(inhlwaza) Yebo, uJesu uyangithanda, uyangithanda, kusho imiBhalo.
2.Verse 2
Ngiyathandwa nguJesu, Yena wafa ngenxa yam' ukuba livuleke isango laphezulu. **
3.Verse 3
Ngiyathandwa nguJesu, uyakuhlala nami, Yena uyangiqhuba ngize ngiy' ezulwini. **