154
iHubo · Hymn

Nkosi, ngawo um'sa wakho

Meter: 8.7.8.7.
1.Verse 1

Nkosi, ngawo um'sa wakho bona umphefum'lo wam'; ngiguqile phambi kwakho susa zonk' izono zam'.

2.Verse 2

Baba, kade ngedukile, ngingalaz' icala lam'; ezonweni ngangifile: susa zonk' izono zam'.

3.Verse 3

Wena unomusa wonke, kade wancengana nam', kade wangibiza ngala; susa zonk' izono zam'.

4.Verse 4

Ngimuzwile uMsindisi owathwal' icala lam' Ngidiniwe, ngibuyise: susa zonk' izono zam'.

5.Verse 5

Jesu, ngibuyela kuwe nabo bonk' ububi bam'; ngamukele ngom'sa wakho: susa zonk' izono zam'.