156
iHubo · Hymn

Khumbula ikhaya laphaya

Meter: 9.10.10.10.

1.

Khumbula ikhaya laphaya, kobamnandi kakhulu kunala: babuthen' abangcwele kulona abembeth' okumhloph' okuthe qwa. Laphaya, laphaya, khumbula ikhaya laphaya. (2x)

2.

Khumbul' izihlobo laphaya, ezahamba zangena ezulwin', sezigwaba igama leWundlu, ziphumule zisenjabulweni. Laphaya, laphaya, khumbul' izihlobo laphaya. (2x)

3.

Khumbula uJesu laphaya, nabakithi asebekhona le; senginas' isizungu sakhona sengikhohlwa usizi lwala. Laphaya, laphaya, khumbula uJesu laphaya. (2x)

4.

Masinya ngofika laphaya, masinyane ngibone abami; sebefike balinda ekhaya, sebelinda ngofika ke nami. Laphaya, laphaya, masinya ngofika laphaya. (2x)