158
iHubo · Hymn
Sivel' othulini sonke
Meter: 8.5.8.5.
1.
Sivel' othulini sonke, sibuyela khona; mhla kukhala icilongo, sovuswa yiNkos'. ** (inhlwaza) Nkosi Jesu, buya masinya ukubiza umzalwane ukuba nawe.
2.
Umzalwane udlulile, akasekho kithi ulal' othulini lwezwe iz' ibuy' iNkos'. **
3.
Lokhukufa okubhubhayo kuphenduk' 'kuphila uBaba usinqobisa ngeNkosi Jesu. **
4.
Kufa, ukunqoba kwakho kuyanqotshwa nakho, ngoba amagama ethu abhalwe ngale. **
5.
Ngakho, bazalwane bami, yimani niqine nikhuthal' emsebenzini weNkosi Jesu. ** (inhlwaza) Nkosi Jesu, Buya masinya ukubiza thina sonke ukuba nawe.