Ngiyakuthanda, o Ngikhona
Ngiyakuthanda, o Ngikhona, mandla ami nedwala lam' nenqaba yami nomkhululi, ngiyaphephela kuwe, Nkos'. Ngiyamemeza kuNgikhona ngisindiswe ezitheni ezingibopha ngezintambo zasendaweni yokufa.
Ngambiza Yena uNgikhona ekuhluphekeni kwami, ngakhala phambi kwakhe wezwa esethempelini lakhe: wawusuzamazam' umhlaba ngokuba ethukuthele kwenyuk' umusi ekhaleni nomlil' emlonyeni wakhe.
Wathobisa izulu wehla washweza ngephiko lakhe, waduma walizwakalisa izwi lakh' oPhezukonke. Imicibisholo nombani wathuma wababhubhisa, wangibamba ngesandla sakhe wangophula ezitheni.
Wangikhipha wangikhulula ngob' ebethokoza ngami wangivuza ngokokulunga enginakho phambi kwakhe: ngiyigcinile imithetho kaNgikhona, iNkosi yam', ngangiphelele mpela kuye, ngaxwaya ububi bonke.
Kothembekile uthembeka kuye oqotho uqotho, kuyisigwegwe unenkani ngokuba uyasindisa, ngawe ngingahlasela impi ngeqa ugange ngawe, Nkos', indlela yakho iphelele uyisihlangu sekholwa.
Ngaphandle kwakho, o Ngikhona akakho unkulunkulu; Yen' ungibhincisa amandla ulungisa indlela yam'. Angimise emagqumeni angifundise ukulwa: ngazixosha izitha zami ngesandla sakho, Nkosi yam'.
Ngaziphahlaza zawa phansi ngaziqothula izitha, wangikhulula ezimpini ngaba yinhloko yezizwe, abantu engingabaziyo bayazithoba phansi kwam' bangizwa nje bangilalele baphume bathuthumele.
Ukhona Yena uNgikhona malidunyisw' idwala lam' aphakanyiswe umsindisi ongikhulul' ezitheni. Ngizokubonga ngihubele igama lakho, Ngikhona, ngob' unomusa kuDavide nenzalo yakhe phakade.