161
iHubo · Hymn

Mina ngingumntwana

Meter: 6.6.6.6.6.6.6.6.

1.

Mina ngingumntwana, kodwa sengizwile ngaye uJehova yen' osenzileyo: futhi ngitsheliwe abafundisayo ngoMsindisi wethu owasifelayo.

2.

Sengibusisiwe kuneziny' izingane, kuhle mangilunge njengabantu bakhe. Ngiyakulalela abazali bami, ngimthande uThixo ngenhliziyo yami.

3.

Ngiyakuthandaza ngamasuku onke; okungafanele ngokunqaba konke. Thixo, ngibusise ngobusiso lwakho ngihambise kahle endleleni yakho.