162
iHubo · Hymn

Mawungangidluli, Jesu

Meter: 8.5.8.5.

1.

Mawungangidluli, Jesu, yizw' amazwi ami, lapho ubabiz' abanye mawungizwe nam'. ** (inhlwaza) Jesu, Jesu, yizw' amazwi ami, lapho ubabiz' abanye mawungizwe nam'.

2.

Isihlalo esomusa ngikusona nami: ngiguqile ngingumoni, ungisize nam'. **

3.

Ngokulunga kwakho kodwa ngiyacela nami, ungelaphe ngaphukile, ngisindise nam'. **

4.

Ungumthombo wakho konke nokuphila kwami; ezulwini nasezweni, yikho konk' okwam' **