164
iHubo · Hymn
Uyadlula ngokushesha
Meter: 8.7.8.7.
1.
Uyadlula ngokushesha; konje ubangephi na? Uyayaz' indlela lena osahamba ngayo na? Uyadlula, uyadlula, (kabili) uya ezulwini na?
2.
Uyadlula ngokushesha; lingemisw' ilanga, qha, liyaphuma liyashona, awuyikushona na? Uyadlula, uyadlula, (kabili) awunakuhlala la.
3.
Uyadlula ngokushesha; uyadlulelaphi na? Ezulwini ungengene, ungaphendukanga, qha. Uyadlula, uyadlula, (kabili) wophenduka nini na?
4.
Uyadlula ngokushesha; kusondel' ukufa, ha! Akumang' ungenathuna, uyophepha wena na? Uyadlula, uyadlula, (kabili) akukheth' ukufa, qha.
5.
Uyadlula ngokushesha; uyekelw' izono na? Namhla yisikhath' esihle, ungesinde laphaya. Uyadlula, uyadlula, (kabili) ungesinde laphaya.