166
iHubo · Hymn
Lifikile iVangeli
Meter: 8.8.8.8.8.8.8.8.
1.
Lifikile iVangeli esizweni sakwaZulu, lilethile ukukhanya nezinhlanhla ezinkulu. Imikhuba yobumnyama iyaxoshw' ikhwezi leli, siyabingelel' ukusa, lifikile iVangeli.
2.
Lifikile iVangeli balileth' abafundisi, beza basishumayeza ngay' uBaba, uMsindisi, olithanda izwe lonke, wehla Yena waba Mfeli; siyahalalis' impela, lifikile iVangeli.
3.
Lifikile iVangeli lona lisitshel' ukuthi masilahle zonk izono, ngoba zona ziwubuthi; sesimaz' uMoy' omuhle unguMhlengi unguMmeli, siyabonga nokubonga, lifikile iVangeli.
4.
Lifikile iVangeli, sesinal' ithemb' impela, sinekhaya le phezulu lapho soziphumulela; mhla simuka kulelizwe sesinaye uMholeli. Aleluya! Aleluya! Lifikile iVangeli.