169
iHubo · Hymn

Namhla siyambong' uJesu

Meter: 12.12.12.12.
1.Verse 1

Namhla siyambong' uJesu, Aleluya! Enyukela ezulwini, Aleluya! Yena wazithoba, wafa, Aleluya! Manje uyaphakanyiswa, Aleluya! **(inhlwaza) UKristu yiNkosi, uKristu yiNkosi, uKristu yiNkosi, Ale-aleluya!

2.Verse 2

Uyalindwa izikhulu, Aleluya! Zimvulele az' angene, Aleluya! Unqobile konk' okubi, Aleluya! Makangene uyiNkosi, Aleluya! **

3.Verse 3

Uyangena Yen' ekhaya, Aleluya! Lijabula lonk' izulu, Aleluya! Kodwa kawudel' umhlaba, Aleluya! ngob' ethand' abantu bakhe, Aleluya! **

4.Verse 4

Bheka, uyelul' izandla, Aleluya! Ebusis' ibandla lakhe, Aleluya! Amanxeba asekuzo, Aleluya! Abonis' uthando lwakhe, Aleluya! **

5.Verse 5

UngumMeli wethu manje, Aleluya! Esisiza ngoba wafa, Aleluya! Ungen' engaphambi kwethu, Aleluya! Usilungisel' indawo, Aleluya! **

6.Verse 6

Nkosi, us' usithekile, Aleluya! Lokhu uye ezulwini, Aleluya! Masenyuke ngenhliziyo, Aleluya! Silandela laph' ukhona. Aleluya! **