171
iHubo · Hymn

Izwi elakhulunywa kuAdamu noEva

Meter: 7.6.7.6.7.6.7.6.

1.

Izwi elakhulunywa kuAdamu noEva nguMdali, lisahleli, kaliyikwedlula; ukhona uJehova emshadweni omsulwa, isibusiso sakhe sikwabashadayo.

2.

Ukuba-nabantwana yinhlalo emsulwa, yimbambiswan' engcwele engenakwaphulwa. Woz' ube khona, Baba, nasemzini wabo njengoba wawukhona kuAdam' noEva.

3.

Bahlanganise, Nkosi, njengokuhlangana kwamabandla ngeNhloko enguJesu Kristu. Ubabusise, Moya, njengokuba Wena ibandla likaKristu ulibusisile.

4.

Besanyathel' indlela eya ezulwini. Uze ubasingathe ngamaphiko akho, ukuze bakukhonze emhlabeni lapha baze bafike khona kuwe ezulwini.