18
iHubo · Hymn

Siyakuthandazela wena, nkosi

Meter: 11.11.11.11.11.11.Tune: entsha

1.

Siyakuthandazela wena, nkosi, ukuba uNgikhon' akuphendule akuvikele mhla uhluphekile akuthumele lonk' usizo lwakhe akusekele ngaw' amandla akhe avele eSiyon' intaba yakhe.

2.

Makakhumbule yonk' iminikelo akufezele lonk' icebo lakho; sihalalisa ngensindiso yakho igama lakhe siliphakamise. Sikucelela kuye uNgikhona agcwalis' izicelo zakho zonke.

3.

Yebo, ngiyaz' ukuthi uNgikhona uyamkhulula ogcotshiwe wakhe, uyamphendula ezulwini lakhe nasemhlabeni uzakumsindisa: isandla sokunene uselula esinamandl' okumsindisa yena.

4.

Abanye izinqola namahashi thina kodwa sibong' igama lakhe. Bona bayakuthoba bawe phansi thina sivuka sime phambi kwakhe. Sindisa, Ngikhona, inkosi yethu isiphendule mhla sikhala kuyo.