Wonk' amazwi okukhala
Wonk' amazwi okukhala awuphenduli kuwo, ebusuku nasemini ngingabi nakuthula. Nkosi yam', Nkosi yam', ungishiyeleni na?
Nokho Wena ungoNgcwele uhlez' ezibongweni; babekwethemba obaba wabakhulula Wena. Nkosi yam', Nkosi yam', ungishiyeleni na?
Mina ngiyimpethu, Nkosi, angisiye umuntu; ngiyisithuko sabantu indelelo yabona. Nkosi yam', Nkosi yam', ungishiyeleni na?
Bonke abangibonayo bayangiklolodela bathi: "Zinikele kuye, usizwe nguNgikhona". Nkosi yam', Nkosi yam', ungishiyeleni na?
Ungikhiph' esizalweni ngiphonswe phezu kwakho; mawungabi kude nami engingenal' usizo. Nkosi yam', Nkosi yam', ungishiyeleni na?
Zingibunganyele zonke izinkunz' ezinonya, zingidla njengengonyama ngichithwe njengamanzi. Nkosi yam', Nkosi yam'. ungishiyeleni na?
Amandl' ami asomile ngiseduze nokufa; ngingabala amathambo ngizacile kakhulu. Nkosi yam', Nkosi yam', ungishiyeleni na?
Babelana izingubo benzelana inkatho kepha Wena, o Ngikhona. ungisize usheshe. Nkosi yam', Nkosi yam', ungishiyeleni na?
Ngisindise enkembeni emandleni ezinja emlonyeni wengonyama ophondweni lwenyathi. Nkosi yam', Nkosi yam', ungishiyeleni na?
Ngizoshumayez' abantu: ngidumis' uNgikhona kubo bonk' abafowethu nalo ibandla lakho. Nkosi yam', Nkosi yam', ngidumis' elakh' igam'.
Nina-nzalo kaJakobe manimbonge ngenxa yam'; nani nonke nimdumise nimesab' uNgikhona. Nkosi yam', Nkosi yam', ngidumis' elakh' igam'.
Ngoba akadelelanga ohlupheka njengami; akamfihlelang' ubuso: laph' ekhala, uyezwa. Nkosi yam', Nkosi yam', ngidumis' elakh' igam'.
Kuwe, Nkosi, kuyavela ukudumisa kwami, ebandleni elingcwele ngizokubonga Wena. Nkosi yam', Nkosi yam', ngidumis' elakh' igam'.
Abamnene bayasutha bamdumis' uNgikhona; imikhawulo yomhlaba iphendukele kuwe. Nkosi yam', Nkosi yam', ngidumis' elakh' igam'.
Izizukulwane zonke zokhuleka kuWena ngob' umbuso ungowakho nguwe obus' izizwe. Nkosi yam', Nkosi yam', ngidumis' elakh' igam'.
Bonke abacebileyo nabahlez' othulini bakhothama phambi kwakhe uNgikhona oyiNkos'. Nkosi yam', Nkosi yam', ngidumis' elakh' igam'.
Yonk' inzalo izomkhonza ilandiswa ngay' iNkos'; bonke bazoshumayela ngakh' ukulunga kwayo. Nkosi yam', Nkosi yam', ngidumis' elakh' igam'.