24
iHubo · Hymn
Ungukukhanya nensindiso yami
Meter: 11.11.11.11.Tune: entsha
1.
Ungukukhanya nensindiso yami nayo inqaba yokuphila kwami: ngizokwesaba yini nom' ubani? Zibhujiswa izitha zami zonke.
2.
Angimesabi muntu nasempini enginethemba kuye uNgikhona ongihlalisa njal' endlini yakhe: ngibon' ubuhle bakhe nethempeli.
3.
Ungisitheza ezinhluphekweni angicashise etendeni lakhe; ngizonikela umnikelo wami engisindiswe nguye ezitheni.
4.
Yizwa, o yizwa ukukhala kwami ungiphendule Wena, o Ngikhona; ngiyabufuna njal' ubuso bakho, ungangixoshi ngay' intukuthelo.
5.
Ngisele ngedwa ngingenabazali kodw' uNgikhona uzongamukela; indlela yakho ungihole ngayo ikhanye, ngibalekele izitha.
6.
Abanamanga nabavuth' ulaka bayangifuna kepha nginethemba kokuhle kukaNgikhon' empilweni: ngilindela Yena, yebo, ngiqina.