25
iHubo · Hymn

O Ngikhona, ngiyakhala kuwe wedwa

Meter: 12.10.11.11.Tune: entsha

1.

O Ngikhona, ngiyakhala kuwe wedwa; ukunxusa nokukhala kwami ukulalele ungathuli kimi funa ngifane nabashonileyo.

2.

Yizwa izwi lokukhala kwami kuwe, ngiphakamisel' izandla zami kuwe osendaweni yakh' engcwele. ungangimukisi kanye nababi.

3.

Mawubenzele njengokwenza kwabona baphindisele abakwenzile ubadilize abenza okubi abanganaki umsebenzi wakho.

4.

Makabongwe uNgikhon' iNkosi yami: owakuzwa ukunxusa kwami; unesihlangu namandl' ami onke, ngizomdumisa ngesihlabelelo.

5.

UNgikhona ungamandla nay' inqaba, usindisa ogcotshiwe wakhe. Busisa ifa labantwana bakho ubaluse nasekuphakadeni.