27
iHubo · Hymn
O Ngikhona, ngiyakudumisa
Meter: 10.10.10.10.Tune: entsha
1.
O Ngikhona, ngiyakudumisa, ungisindis' ezitheni zami wakhuphula inhliziyo yami endaweni yabo abafile.
2.
Dumisani, nin' enimkhonzayo uNgikhon' othukuthel' kafuphi; ukukhala kwami kwakusihlwa kungukujabula ekuseni.
3.
Ngangibusa engihluphekile waqinisa yonk' intaba yami; o Ngikhona, ngakhala kuWena ngakuncenga ngacela usizo.
4.
Ngathi: "Kukhona yini inzuzo egazini lam' nasekufeni? Izintuli azikudumisi azishumayeli iqiniso".
5.
Yizwa, ube nom'sa, o Ngikhona, yiba-ke ngumsizi wami njalo! Waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina, ngajabula.
6.
O Ngikhona, inhliziyo yami ayithuli iyakudumisa; ngizobonga Wena, Nkosi yami, namhlanje nasekuphakadeni.