Ngikhulule, o Ngikhona
Ngikhulule, o Ngikhona, ngokulunga kwakho, Nkos'. Beka kim' indlebe yakho ungophule masinyan'. O Ngikhona (2x), Wena uyithemba lam'.
Ube yidwala kimi, Nkosi, ube yinqaba yami; yebo, uzongihola njalo ngenxa yegama lakho. O Ngikhona (2x), Wena uyithemba lam'.
Uzongikhipha enetheni abangicuphé ngalo, ngokuba uyinqaba yami, Wena uyidwala lam'. O Ngikhona (2x), Wena uyithemba lam'.
Ngiyabek' umoya wami esandleni sakho, Nkos'. Uyangihleng', Jehova wami Nkos' ethembekileyo. O Ngikhona (2x), Wena uyithemba lam'.
Ngizakwethaba, o Ngikhona, ngijabula ngomsa wakh'. Ngoba wanak' usizi lwami walumis' unyawo lwam'. O Ngikhona (2x), Wena uyithemba lam'.
Yiba nomusa, o Ngikhona, ngoba ngiyahlupheka; mina ngiyafa izinsizi, iso nomphefum'lo wam'. O Ngikhona (2x), Wena uyithemba lam'.
Amandla ami aphelile ngiyisitsh' esifile; zingihleb' izitha zami zihlos' ukubhubhisa. O Ngikhona (2x) nokho uyithemba lam'.
Yebo, ngiyakwethemba Wena ngithi: "UyiNkosi yam'". Yisindis' inceku yakho yisindise ngomsa wakh'. O Ngikhona (2x), yebo, uyithemba lam'.
Mabajabhiswe bonk' ababi bathuliswe nguWena; balondoloz' abantu bakho ababalekel' kuwe. O Ngikhona (2x), Wena uyithemba lam'.
Makabongwe uNgikhona ngakh' ukulunga kwakhe; nina nonk' enimkhonzayo mthandeni ngakho konk' okwen'. O Ngikhona (2x), Wena uyithemba lam'.