30
iHubo · Hymn

Yethabani ngoNgikhona

Meter: 8.6.8.6.Tune: Dum. 29
1.Verse 1

Yethabani ngoNgikhona nina balungileyo, ukudumis' uJehova kufanele nina.

2.Verse 2

Bongani, yebo, dumisan' ngehabhu nangogubhu nimdumise uNgikhona ngehubo elisha.

3.Verse 3

Izwi lakhe lilungile zinhle izenzo zakhe uyakuthand' ukulunga emhlabeni wonke.

4.Verse 4

Ngezwi lakhe kudaliwe izul' eliphezulu, ngomoya womlomo wakhe naw' umkhathi wonke.

5.Verse 5

Ubuth' amanzi olwandle ndawonye njengenqwaba; mabathuthumele bonke phambi kobuso bakh'.

6.Verse 6

Ngoba Yena wakhuluma konk' kwaba kudaliwe, wayaleza uNgikhona kwaba khona kwema.

7.Verse 7

Icebo lakh' limi njalo uchith' elabezizwe, imicabango kaJehov' iyohlala njalo.

8.Verse 8

Sibusisiwe isizwe esiNkosi yaso nguJehova osikhethé sibe yifa lakhe.

9.Verse 9

Iso lakhe liyabheka, uyababona bonke; uqaphela zonk' izenzo zabo bonk' abantu

10.Verse 10

Ayikh' inkos' esindiswa yihash' elinamandla, ubuningi bempi yayo abuyikhululi.

11.Verse 11

Bhek' iso likaJehova liyabanakekela abathemba umusa wakh' uyabakhulula.

12.Verse 12

Sikulindela, Ngikhona, ungukusiza kwethu, umusa wakho, Ngikhona, ube phezu kwethu.