Phikisana o Ngikhona
Phikisana o Ngikhona, nezitha zami zonk' thath' ihawu nesihlangu vuka ungisize.
Hosha umkhonto wakho, Nkos', uvimb' indlela yazo, yisho kumphefumulo wam': ngiyakusindisa.
Mazijabhe izitha zam' zihlazeke zona mazibuyiselw' emuva zijabhiswe zona.
Ingelosi kaNgikhona mayizidudule, yebo, maziwele njalo enetheni lazo.
Ngoba mina ngihlupheka ziyangisongela zingenzela amagebe kungekho 'cala kim'.
Masibhubh' isitha sami sibanjw' yinetha las', yebo, masiwele kulo ukuze sife nya.
Khona umphefumulo wam' uzobong' iNkosi, amathambo ami asho: nguban' onjengawe ?
Ngoba Wena ukhulula ohlushwayo nompof'; ngakho ngithi kuwe, Baba: nguban' onjengawe ?
Bayasukum' ofakazi abangalungile bangethwese amacala ngezint' engingazaz'.
Kanti mina ngazihlupha ngokuzil' ukudla, ngabathandazela bona lapho behlupheka.
Kepha ekuweni kwami bahlekisa mina badumaza bengayeki bangibunganyela.
Kuze kube nini, Nkosi ungibukelela? Ngikhiph' ezandleni zabo yebo, ngisindise.
Khona ngizokukubonga ebandleni lakho phakathi kwabantu, Nkosi, ngizakudumisa.
Mabangajabuli ngami abayizitha zam', mabangaqwayiz' amehlo abangizondayo.
Ngoba bangikhamisela imilomo yabo bathi: Ashila, ashila, yebo, siyabona.
Nawe uyakubona, Nkos', musa ukuthula, vuka, usukume, Nkosi umel' icala lami.
Mabethabe bajabule abathokoza ngam', mabathi izinsuku zonk': mayidunyisw' iNkos'.
Ulimi lwam' luzobonga umusa wakho, Nkos'; ngizohuba ihubo lam' ngokulunga kwakho.