Isono sikhuluma
Isono sikhuluma enhliziywen' yomubi yena akamesabi uNkulunkul' oqoth'. Ngoba uyazithopha ngenkulumo yesono ngolimi lwakh' uyona kodwa akanandab'.
Umlomo wakh' uyona uyakhohlisa njalo akukho ukulunga ezenzweni zakhe. Nasembhedeni wakhe uceba okuningi uzimisela njalo ukwenza okubi.
Nkos', ububele bakho bufinyelel' phezulu nokuthembeka kwakho kufik' emafwini. Nkos', ukulunga kwakho kufana nezintaba ziyizinzul' zolwandle izinqumo zakho.
Igugu elikhulu lingububele bakho abantwana babantu bakhosela kuwe. Basutha ngamanoni endlu yakho, Jehova, Wena ubaphuzisa emfuleni wakho.
Ngokuba ukuWena umthombo wokuphila ekukhanyeni kwakho sibon' ukukhanya. Mawum' umusa wakho kubo abakwaziyo, kum' ukulunga kwakho kubo abaqotho.
Malungangifikeli unyawo loziqhenya bheka, bayawa phansi abenza okubi.