34
iHubo · Hymn
Jehov', ungangijezisi
Meter: 8.4.7.8.4.7.Tune: Hosana 345
1.
Jehov', ungangijezisi, Nkosi yami, ngentukuthelo yakho ungangishayi ngolaka Nkulunkulu, mawungithethelele.
2.
Ngoba imicibisholo yakho, Nkosi, ingihlabile mina, isandla sakho, Jehova, sokunene sesingicindezele.
3.
Akukh' ukuphila kimi enyameni ngenxa yentukuthelo ekuWena, Nkosi yami. Ngikhathele ngenxa yesono sami.
4.
Ngibika ukona kwami ngidabuka ngesono sami njalo. Ziphilil' izitha zami zinamandla, ziyangizonda ngeze.
5.
Ungangishiyi, Jehova, Nkulunkulu ungabi kude nami, ngisize ngomusa wakho: Phuthuma ke, Nkosi, Nsindiso yami.