35
iHubo · Hymn

Ngith': Indlela yam' ngolinda

Meter: 8.7.8.7.Tune: Dum. 5

1.

Ngith': Indlela yam' ngolinda ngingoni ngolimi lwam'; ngabindela-nje ngathula kwavusw' ubuhlungu bam'.

2.

Inhliziyo yami ithi: Ngazis' ukuphela kwam', imihla injengomoya odlulayo masinyan'.

3.

Ngilindela ntoni, Nkosi? Wena uyithemba lam', ngisindise ezonweni ngingabi yisithuko.

4.

Ngiyathula phambi kwakho ngoba Wen' ungishaye. Umunt' akasenabuhle engumoya mpela nje.

5.

Yizwa umkhuleko wami, ulalele, Ngikhona, konk' ukumemeza kwami ubon' i'nyembezi zam'!

6.

Isihambi nomfokazi phambi kwakho nginguye. Ngiyeke, ngiswabuluke ngingakamuki lapha.