36
iHubo · Hymn

Bengilindela Wena, o Ngikhona

Meter: 11.11.11.11.Tune: entsha

1.

Bengilindela Wena, o Ngikhona, ozwela konke ukukhala kwami; wangikhipha emgodini wokufa wamisa unyawo lwami luqine.

2.

Wabek' ihub' elisha emlonyeni; okwethembayo ungubusisiwe. Wena ozenza izimangaliso: akakho ongalinganiswa nawe.

3.

Awuyithandi neze im'hlatshelo ngase ngithi: "Bheka, ngiyeza manje ngokwencwadi; ngenza intando yakho umthetho wakho usenhliziyweni".

4.

Ngiyamemeza ngawe ebandleni, umlomo nezindebe angivali; ngishumayela ngaw' umusa wakho lonk' iqiniso lakho lizwakale.

5.

Wena, Ngikhona, ungilondoloze ngomusa nangal' iqiniso lakho, ngihluphekile ngikonele Wena, ungisindise ezonweni zami.

6.

Makuthandeke kuwe, o Ngikhona, ukub' ungikhulule ngokushesha, ngoba izono zami zangifica ezingenakubalwa, haw', ziningi!

7.

Mabajabhiswe abangizondayo mabajabule abakuthandayo; mawudunyiswe noma ngihlupheka, ungalibali, Msindisi, Ngikhona.