4
iHubo · Hymn
Phendula ekukhaleni kwam'
Meter: 9.9.8.9.
1.
Phendula ekukhaleni kwam', Ngikhona wokulunga kwami; osizini wangihlenga: yiba nomsa kuwo 'mkhuleko.
2.
Zizwe zabantu, koba-nini? Ngidunyazwa ke ngiqanjelwa amang' ez' eniwathanda, keph' uNgikhona ungizwela.
3.
Thukuthelan' ningaze nona nizindle ezinhliziyweni, okhukhweni lwenu nithul' ninikele ngeminikelo.
4.
Bangabaza baningi ngaye: o, Ngikhona, bakhanyisele, jabulise inhliziyo kunamabele newayini.
5.
Ngizakucambalala ngomsa, ngokuthula ngilal' ubuthong': ngoba Wena, o Ngikhona, ungihlalisa ungilonda.