42
iHubo · Hymn

Inhliziyo yami yonke

Meter: 8.6.8.6.Tune: Hos.181

1.

Inhliziyo yami yonke izithulel' eNkosin'; insindiso yam' ivela kuyo iNkosi yam'.

2.

Iyidwala nensindiso nenqaba yami yonk'; angiyikunyakaziswa ngoba nginayona.

3.

Koze kube nini, bantu nifun' ukubulal' nithung' icebo lokumwis' ngamang' ophakeme?

4.

Nhliziyo yam', uthule du eNkosini yakho eyidwala nenqaba yam' anginyakaziswa.

5.

Thembani kuye, nina bant' nithulul' inhliziyo Phambi kweNkosi yethu eyisiphephelo.

6.

Abantu bangu-moya nje! Ningaqhwagi muntu ningathemb' imfuyo yenu nanxa-ke iyanda.

7.

Wakhuluma uNgikhona; amandl' angawakhe; uyamphindisel' umuntu njengokwenza kwakhe.